Ibele

Dear khumbul' ekhaya phila nami ngyaphila
Uxol' ukunibhalela kodwa nje yazi nginesfiso
Ningitholel' umama angimaz' ulokhe wangishiya
Wangishiya ngisemncane bengithemb' ukuth' uzojika
Mangizwa bekhuluma bath' umama wayengithanda
Kodwa min' angisathembi ngob' angimazi ngamehl' enyama
Nok'mgcina ethombeni bese emfuleni eme nobaba
Bengicela ningisize emaqinisweni uma wangilahla
Mama laph' ukhona mina ngyak'khumbula
Yebo kona kub'hlungu ngingajabula mawungabuya
Inkinga zomhlaba sonke siyaz' azikho lula
Kodw' ingan' iding' umama uthando lwakho ngajabula
Kant' uyazi ma angilitholang' ibele
Kodwa sengikhulile sengyindoda angike ngik'tshele
Awuyidlalang' indima njengo ma kwak'mele
Mama anginawo amaningi empilweni yami angindizi angitef'

Sengahleli ngibalisa
Sengahleli ngibalisa
Kuth'umawe ngane
Wayishiy'isencane

Manje ngiswele ibele
Manje ngiswele ibele
Manje ngiswele ibele mina

Manje ngiswele ibele
Manje ngiswele ibele
Manje ngiswele ibele mina

Sawubona maka boy ngithemb' ukuthi niyaphila
Isikhathi seside nomfanami nje nangishiya
Wangishiya nethemba ngithem' ukuthi nizobuya
Hamb' ijuba lika Noah nam' angisazi noma niyaphila
Mawengane awusabhali nencwadi encane
Yazi manginicabang' inhliziyo yami ngivele ngikhale
Zivele zehle zivele zehle zilandelane
Inyembezi zendoda ziwele phansi ungaz' ungilahle
Maka boy yazi mina ub'thongo angisabazi
Ub'hlungu engib'zway' obungaphakathi nje angisalali
Sengifana nohlanya ngish' abantu abasayixaki
Ngikhala ngyathulisa ngisele ngedwa abasanginaki
Ngyaz' anginak' ok'ningi nganginik' uthando
Wen' ufun' imali ngenandaba nothando
Kub'hlungu okwenza kimi awusakhumbul' oweth' umshado
Kungcono ngihlehlis' insizi ngivele, ngthinti ntab'

Sengahleli ngibalisa
Sengahleli ngibalisa
Kuth'umawe ngane
Wayishiy'isencane

Manje ngiswele ibele
Manje ngiswele ibele
Manje ngiswele ibele mina

Manje ngiswele ibele
Manje ngiswele ibele
Manje ngiswele ibele mina

Uyakhulum' umzali kub'hlung' uyincelis' ungayizali
Ingane nengane iding' uthando nje lomzali
Ngifikelw' inyembezi yazi mangibhala lencwadi
Mama ngicel' injabulo inyembezi ziwela phansi
Noma ngangingena mali akaze nalala ningadlile
Ngangiwa ngivuka nani anikaze nalala nilambile
Ngivika ngakho konke ukuthi nizizwe niphephile
Akuzange kwenelise ngoba wagcin' ungishiyile

Sengahleli ngibalisa
Sengahleli ngibalisa
Kuth'umawe ngane
Wayishiy'isencane

Manje ngiswele ibele
Manje ngiswele ibele
Manje ngiswele ibele mina

Manje ngiswele ibele
Manje ngiswele ibele
Manje ngiswele ibele mina

Awemah
Awemawengane

Chansons les plus populaires [artist_preposition] Big Zulu

Autres artistes de African hip hop