Sibali
Dudlu lapho kuwe mlamu wami
Ngifun'ukulamuza kuwe mulamu wami
Dudlu lapho kuwe mlamu wami
Ngifun'ukulamuza kuwe mulamu wami
Ngiyeke sibali
Ngiziqomele mina
Ufuna mina nodade wethu
Umfazi wokuqala unezingane ezine
Nodade wethu ezintathu naye
Ngiyeke sibali
Ngiziqomele mina na
Ufuna mina nodade wethu
Umfazi wokuqala unezingane ezine
Nodade wethu ezintathu naye
Isithembu usiko lwakithi
Izingane ngiyazifuna
Ngandise umuzi kababa
Ingako ngifun'ukulamuza kuwe mulamu wami
Hayi bo
Hayi bo sibali
Uzosondla ngani sonke?
Ngidl'izambane likapondo mina
Hayi bo
Hayi bo sibali
Uzosondla ngani sonke?
I'm Mr Money myself
Hayi bo
Hayi bo sibali
Uzosondla ngani sonke?
Oh nginezimali zami mina
Mhlawumbe ucabang'ukuthi uneshumi lezandla
Phela unezandl'ezimbini
Mhlawumbe ucabang'ukuthi uneshumi lezandla
Phela unezandl'ezimbini
Maye wafa isondlo mntanomuntu
Maye nazi izingane phezu kwamahlombe akho
Maye wafa isondlo mntanomuntu
Maye nazi izingane phezu kwamahlombe akho
Ayikh'indlov'esindwa umboko wayo
Futhi ayikh'indod'esindwa umthwalo wayo
Obabamkhulu babethethe isithembu
Ngizohlulwa yini mina
Sibali, maye sibali
Sibali, maye sibali