Sibali

Dudlu lapho kuwe mlamu wami
Ngifun'ukulamuza kuwe mulamu wami
Dudlu lapho kuwe mlamu wami
Ngifun'ukulamuza kuwe mulamu wami

Ngiyeke sibali
Ngiziqomele mina
Ufuna mina nodade wethu
Umfazi wokuqala unezingane ezine
Nodade wethu ezintathu naye

Ngiyeke sibali
Ngiziqomele mina na
Ufuna mina nodade wethu
Umfazi wokuqala unezingane ezine
Nodade wethu ezintathu naye

Isithembu usiko lwakithi
Izingane ngiyazifuna
Ngandise umuzi kababa
Ingako ngifun'ukulamuza kuwe mulamu wami

Hayi bo
Hayi bo sibali
Uzosondla ngani sonke?
Ngidl'izambane likapondo mina

Hayi bo
Hayi bo sibali
Uzosondla ngani sonke?
I'm Mr Money myself

Hayi bo
Hayi bo sibali
Uzosondla ngani sonke?
Oh nginezimali zami mina

Mhlawumbe ucabang'ukuthi uneshumi lezandla
Phela unezandl'ezimbini
Mhlawumbe ucabang'ukuthi uneshumi lezandla
Phela unezandl'ezimbini

Maye wafa isondlo mntanomuntu
Maye nazi izingane phezu kwamahlombe akho
Maye wafa isondlo mntanomuntu
Maye nazi izingane phezu kwamahlombe akho

Ayikh'indlov'esindwa umboko wayo
Futhi ayikh'indod'esindwa umthwalo wayo
Obabamkhulu babethethe isithembu
Ngizohlulwa yini mina

Sibali, maye sibali
Sibali, maye sibali

Chansons les plus populaires [artist_preposition] Mahlathini & the Mahotella Queens

Autres artistes de