Luhle Ngani
Luhle ngani uthando lwakho kimi?
Mangingayazi imfudumalo yalo
Muhle ngani umzimba wakho kimi?
Uma lingcolile ingaphakathi lakho
Luhle ngani uthando lwakho kimi?
Mangingayazi imfudumalo yalo
Muhle ngani umzimba wakho kimi?
Uma lingcolile ingaphakathi lakho
Ngaphandle uyibhodwe
Dlela bonk'abasweleyo
Mina mbulawa yindlala
Kwabany'uwumthombo, mthomb'ongashi
Mina mbulawa wukoma
Abawuval'umlomo bebabaz'moya wakho bethuyingilosi
Kodwa kim'uyis'hogo
Malini lothando lwakho ngivele ngil'khokhele?
Ngoba ng'yabona ukung'thand' itoho
Luhle ngani uthando lwakho kimi?
Mangingayazi imfudumalo yalo
Muhle ngani umzimba wakho kimi?
Uma lingcolile ingaphakathi lakho
Luhle ngani uthando lwakho kimi?
Mangingayazi imfudumalo yalo
Muhle ngani umzimba wakho kimi?
Uma lingcolile ingaphakathi lakho
Kungani, ung'fihlel' uthando lwakho
Ngcel' uluveze
Ng'the ingabe kungani, ung'fihlel' imizwa yakho
Ngcel' uyiveze
Uhamb' uhlakula amasimu amanye amadoda eyakho igcwel' ukhula
Iyanetha indlu yegagu
Uhamb' ufulela eminye imizi yamanye amadoda ubhidlika owakho
Iyanеtha indlu yegagu
Luhle ngani uthando lwakho kimi?
Mangingayazi imfudumalo yalo
Muhle ngani umzimba wakho kimi?
Uma lingcolilе ingaphakathi lakho
Luhle ngani uthando lwakho kimi?
Mangingayazi imfudumalo yalo
Muhle ngani umzimba wakho kimi?
Uma lingcolile ingaphakathi lakho