Umlungisi
Wenziwa yini ungibuke
Njengomuntu ongahlakaniphile
Mhlambe ukuhleka kwami nawe
Ukwenz'ungithathe njengesilima
Ufike kimi yeb'ukhala
Uthi mangikuncede uhluphekile
Ngempela nami ngaba nozwelo
Ngoba lihlaba liphukele
Kodwa manje namhlanje
Ngezenzo zakho ungikhombisile iyeh
Ukuthi umlungisi uzithela isisila
Nokubonga akukh'emhlabeni
Usumdumisile izwe lonke yeah
Njengomuntu omubi noyisigebengu
Ngempela umlungisi uzithela isisila
Nokubonga akukh'emhlabeni
Usumdumisile izwe lonke yeah
Njengomuntu omubi noyisigebengu
Ufike kimi yeb'ukhala
Uthi mangikuncede uhluphekile
Ngempela nami ngaba nozwelo
Ngoba lihlaba liphukele yeah
Kodwa manje namhlanje
Ngezenzo zakho ungikhombisile iyeh
Ukuthi umlungisi uzithela isisila
Nokubonga akukho emhlabeni
Usumdumisile izwe lonke yeah
Njengomuntu omubi noyisigebengu
Ngempela umlungisi uzithela isisila
Nokubonga akukho emhlabeni
Usumdumisile izwe lonke yeah
Njengomuntu omubi noyisigebengu